UMA kukhulunywa ngembiza ewumvusankunzi kwabaningi besilisa, ababuzi lutho, bakhala khona. Abanye esikhundleni zokuphuza isivalo, bagcina bephuza ibhodlela lonke okuyinto ebabeka engcupheni yezinkinga eziningi emzimbeni wabo.
Yingakho ungoti wemithi yesintu, Mnuz Mfanafuthi Msomi esekhethe ukuvula ikhemisi okuhloswe ngalo ukufundisa kabanzi ngezikalo zemithi yesintu nezimbiza ezithandwa kakhulu ngabantu.
“ Into engiyaye ngiyisho wukuthi imithi yasentshonalanga ayingcono ngalutho kunale yesintu, umehluko nje wukuthi bona bayacwaninga bese beqhamuka nezikali ezibhalwe phansi zemithi yabo. Lokho kube sekwenza engathi bona bangcono,”kusho uMsomi.
Uthe lunzulu ulwazi nakubelaphi bendabuko mayelana nezikalo zemithi, kuphela wukuthi abantu abafundiswa ngazo.
UMsomi uvula leli khemisi ngoMgqibelo enkabeli yeTheku. Uthe lizoba elehlukile abantu abake balibona ngoba lizoba nendawo okufundwa kuyona kabanzi ngezikalo zemithi yesintu.
Ubalule nale mithi eyaziwayo ukuthi inomsebenzi othile njengekhambi lesisu, abantu abaningi okuthi uma belidlula endleleni balibalule ukuthi eliqeda isisu. Umehluko wukuthi basuke bengazi ukuthi liphekwa bese likalwa kanjani. Uthe kule khemisi yakhe uzobe efundisa kabanzi nangalokhu.
“ Ngifuna sibuye isithunzi semithi yesintu, nokufaka isifundo nje sokuthi umuthi wesintu awulona ihlazo noma awusho ukuthi awuphucuzekile,” egcizelela.
UMsombi uwuthisha oqeqeshiwe ofundisa eThulubheke eMthwalume.
Uthe okunye akuthokozelayo ngaleli khemisi lesintu, wukuthi lizovula namathuba omsebenzi njengoba beyishumi abantu abazobe besebenza kulo.
UMsomi obuye aziwe ngelikaMkhulu Hlombe, uthe leli khemisi lizoba senkabeni yeTheku ku-114 Joe Slovo.
''Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi kuzodaleka amathuba omsebenzi uma kuvulwa leli khemisi. Siyazi sonke ukuthi amathuba omsebenzi abaluleke kangakanani ikakhulukazi kulesi sikhathi samanje,'' usho kanje.
Okunye okwehlukile athi kuzokwenzeka kuleli khemisi, wukuthi imithi ngeke ifike isisemabhodleleni kodwa izothakwa khona kule ndawo.
Njengoba elindele ukuthi leli khemisi lihanjelwe yizinkumbi zabantu, uthe ukhethe nokuthi zonke izinsuku kuleli khemisi kuphekelwe amakhasimende ukuze bathi besalindile bathole okuya ngasethunjini.
"Lokhu sizobe sikwenza ngamabomu ngoba abantu behlukene. Kukhona abanye abafika bezothenga amakhambi azodinga ukuthi balinde, uthole ukuthi akukho lutho naseziswini ngenxa yezinkinga esizaziyo,“echaza.
UMsomi ngokudabuka ungowasePort Shepstone, eningizimu uyesifundazwe
Ngaphandle kwaleli khemisi unawo amanye ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu-Natal kodwa leli kuzoba kungelokuqala elizoba nalezi zinhlelo.
Uthe kungekudala naseGoli, naseFree State uzobe esenawo amakhemisi nakhona uthe ufuna kudaleke amathuba omsebenzi ngawo.Phezu kwakho konke, abantu babe nolwazi olunzulu ngokusebenza kwemithi yesintu.