ONJINIYELA, abezimo eziphuthumayo nabophiko lokagesi kuMasipala waseGoli bahlola umonakalo ngaphansi kwebhuloho elikuM1 lapho kuqubuke khona ilangabi kusha amakhebuli ngoLwesithathu emini.
Kulindeleke ukuthi onjiniyela bezakhiwo bahlole isimo somhubhe okuhamba kuwo leli khebula elishe langqongqa eBraamfontein futhi bahlole nesimo sebhuloho kuM1 ngaphambi kokuba kungene nabanye ukuze kuqinisekiswe ezokuphepha.
AbeCity Power bakhomba izinswelaboya ngenjumbane ngawo wonke lo monakalo.
Ukusha kwamakhebuli kuphazamise izinto eziningi ezindaweni ezehlukene ezakhelene naleli dolobha. Ngale kokuvalwa thaqa kwalo mgwaqo omkhulu, kodwa kuphazamiseke iziteshi ezimbili zikagesi eziseBraamfontein naseFordsburg. Izindawo ezifana neParktown, Braamfontein neNewtown zisale zingenawo ugesi futhi abeCity Power baveze ukuthi abakabi nalo ulwazi lokuthi sizolungiswa nini isimo kwazise kufanele kuqale kuhlolwe isimo sebhuloho kanjalo namakhebuli ashile.
UMnuz Isaac Mangena, okhulumela abeCity Power uthe bekungakabacaceli ukuthi izinswelaboya zikwaze kanjani ukufinyelela kulawa makhebuli.
"Kubonakala sengathi abantu abenze lokhu bebenesikhathi ngoba kukhona okhonkolo abasindayo okuyibona abasekele amakhebuli ukuze aphephe futhi akulula ukufinyelela kuwo amakhebuli ungakawususi ukhonkolo."
UMangena utheukhonkolo usetshenziselwa ukuvikela amakhebuli kodwa ubuye wabathwalisa ubunzima ngoba wenze kwaba lukhuni ukuba abezicishamlilo basheshe babhule ilangabi ngesikhathi kungqongqa amakhebuli.