AMANYE amalungu, omphakathi waku-ward 1 kuMasipala waseMshwathi, abuyele emakhaya esehleka wodwa emuva okwamukela amatayitela ezindlu zawo.
Kulo mcimbi, obubanjelwe ehholo laseThokozani, kunamalungu awu-128 anikezwe amatayitela.
UNgqongqoshe woMnyango wokuHlaliswa kwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi, uMnuz Sipho "KK" Nkosi, uthe zingu-800 izindlu ezakhelwe abahlali bakulesi sigceme. Yize kunjalo kodwa uNkosi uthe amanye amatayitela asalungiswa.
"Ngizonikeza amatayitela asho izinto ezintathu. Eyokuqala ithi lendlu oyakhelwe wuhulumeni, wangafaka ngisho isenti elimnyama, isingeyakho nezizukulwane zakho. Eyesibili ithi-ke nalo mhlaba lapho lendlu eyakhiwe kuyo, akekho oyokukhipha kuwona." UNkosi uthe okwesithathu laba abafuna ukuba ngosomabhizinisi "uma unetayitela ufuna ukuboleka usizo noma ngabe yiluphi, uyakwazi ukusebenzisa lelo tayitela lakho njengesibambiso." Nakuba uNkosi ekhulume kanje kodwa uthe akakugqugquzeli ukuba abantu babambise ngamatayitela "ngoba uma ungasabakhokheli labo bantu, banelungelo lokuyidla indlu yakho. Cabanga-ke izindlu ezinhle kanje."
UNkosi uthe umuntu uzothola indlu yamahhala, umhlaba wamahhala netayitela lamahhala.
Uthe uhulumeni ukhokhela ummeli uR25 000 ngetayitela ngalinye.
"Zibalele ukuthi uhulumeni ukhokhe ama-million amangaki ngezizindlu ezingu-128."
Esephetha uNkosi uthe benza konke okusemandleni ukuthi abangakawatholi amatayitela, bayashesha ukuwathola "ngoba sifuna wonke umuntu abe netayitela."